Creation Science Information & Links!
Main
IEU
Links
EN Into
Izincwadi
Izithombe
MP3
Imiqophi

Afrikaans
العربية
Български
简体中文
繁體中文
Hrvatski
Čeština
Nederlands
English
Afrikaans
Arabic
Bulgarian
Chinese CS
Chinese CT
Croatian
Czech
Dutch
English
Français
Deutsch
Ελληνικά
עִבְרִית
Magyar
Indonesia
Latviešu
Norsk
Polski
French
German
Greek
Hebrew
Hungarian
Indonesian
Latvian
Norwegian
Polish
Português
Română
Русский
Српски
Slovenčina
Español
ภาษาไทย
Українська
isiZulu
Portuguese
Romanian
Russian
Serbian
Slovak
Spanish
Thai
Ukrainian
Zulu

 
    I E U            Ver. 2.5
Imibuzo Evame Ukubuzwa
http://www.creationism.org/zulu/creationism_faq_zu.htm

Imibuzo eyehlukahlukene ithunyelwa masonto wonke.
Siyethemba ukuthi lemibuzo ehlala ibuzwa, izosiza ekuphenduleni
imibuzo ejwayelekile kanye nezingqinamba okungenzeka ukuthi unazo.

   Uphazamisekile ngokomqondo?

Mhhh… Akulula ukusho.

   Uk’khombisa kanjani kodwa ukunganaki okungaka?

Sake sahlangana phambilini?  Ung’xolele kodwa ngicel’ukhumbule ukuthi ngumuntu lo osuke ukhuluma naye uma wenza imibono elumelayo ethi omunye wethu ukhombisa ukunganaki noma uyisidomu.

   Ave ingqikithi yendalo kungukuthi, “uNkulunkulu uyishilo, ngiyay’kholwa, ngakho ke lokhu kuyay’phothula inkulumo?”

Kwabanye abantu kunjalo. Kodwa kwenye ingxenye angeke yini omunye athi kubantu abaningi ingqikithi yendalo ukuthi, “Ososayensi bay’shilo, ngiyay’kholwa, ngakho ke lokhu kuyay’phothula inkulumo?”

   Uzoyeka nini ukuphikisana nesayensi?

Uzoyeka nini ukushaya unkosikazi wakho? Ngamany’amazwi lom’buzo ukhombisa into engelona iqiniso. Kwesinye is’khathi abantu abayidlanza abakholelwa kwimiphumela yesayensi, ibona futhi okugcina kutholakala ukuthi imibono yabo iyiqiniso.

Asikaze simelane nesayensi kwasekuqaleni. Khumbula vele ukuthi abasunguli besayensi yesimanje-manje abanjengo Newton, Kepler, Pascal, Boyle, Galileo nabanye abaningi, bonke babengabadali. Ukuqonda kwabo ukuthi kukhona uMdali ongaphezulu kwabo bonke, kwabasiza ukuthi babe nesisekelo sokuthi baphenye imithetho ebonakalayo ngendalo yakhe, baphinde bacabange imicabango yakhe. Sonke senza into efanayo esikhathini samanje ngenxa yokubona ukuthi sihlala emhlabeni odalwe ngokucabanga. Lomcabango wokuthi yonke into esiyibonayo la emhlabeni yavele yathushuka nje ngenhlanhla thizeni! Abadali abakholelwa emiphumeleni yesayensi kuhle bakuqonde ukuthi ubufakazi bukhomba okuhlukile kunalomcabango.

   Eyamazimuzimu abizwa ngama Dinosaurs yona imi kuphi?

Lezilwane ziphile kulomhlaba ngesikhathi esihambisana nesiphilwe ngabantu eminyakeni eyizinkulungwane kwadalwa abantu kodwa kubonakala sengathi zaphela zonke ngaphambi kwempucuzeko yabantu. Khumbula igama elithi “dinosaur” selibe khona isikhathi esicishe sibe ngangeminyaka engu 170. Izinganekwane mayelana namazimuzimu asabekayo akhafula umlilo ziloku zixoxwe emindenini eyahlukahlukene emhlabeni jikele okubalwa emazwenikazi anjengo Europe, izwe lase China nakwamany’amazwe asezwenikazi i Asia, isemazwenikazi ase Melika, kanti ziyakhunjulwa nakwizwekazi lase Afrika. Yinindaba kumele lezinganekwane nemilando (ephuma kuwona wonke amazwekazi ahlala abantu), zibukeke njengezinto ezingabalulekile ukuze zinikeze isisindo kwizinkolelo zalabo abagxile kwezesimanjemanje? Kubalulekile kwisayensi ukuhlukanisa phakathi kobufakazi kanye nezincazelo. Ubufakazi bukhomba ukuthi zake zaphila lezilwane ezinkulu neziyingozi. Kunamathambo, umlando oqotshwe phansi namabala akhombisa lapho kwakunyathela khona lezilwane; ngakho kunobufakazi obuqinile. Incazelo (noma inkolelo) ethi zonke lezilwane zafa eminyakeni eyizigidi edlule ikhombisa ukushayisana kwemibono yabadali kanye nabakholelwa ekugxileni kwisimanjemanje. Inqwaba yeziqephu eziqoshwe emlandweni wabantu mayelana nokubulawa ilezilwane kanye nokuhlangana kwabantu ukuze babulale lezilwane, ziyingxenye yobufakazi obubalulekile obusisizayo njengoba umqondo ovuna isimanjemanje uya uqina unyaka ngonyaka.

   Ama Dinosaurs awashabalalanga kulomhlaba eminyakeni eyizigidi ezingu 65 eyedlule?

Kunobufakazi obuhle obukhomba ukuthi umhlaba usube khona isikhathi esingangezinkulungwane.  Bheka ezincwadini, njengakweka Dr. Ackerman ethi It's a Young World After All.  Le yeminyaka eyizigidi ezingu 65 ingum’bono nje omusha. Inkolelo yesimanjemanje inikeza abantu indawo yok’cashela uMdali wethu onamandla. Lenkolelo iveza ukuthi uNkulunkulu wethu uyinto ekhathele noma akekho nje kwakona. Kungabe kuyiqiniso loku? Cabanga ngemibono yabaseka ukucabanga kwesimanjemanje mayelana nemvelaphi yethu njengabantu. Amazimuzimu akhafula umlilo (njengoba kuvela phambilini) ayebonakala, kwezinye izikhathi obabamkhulu bethi belwa nawo kuwona wonke amazwekazi omhlaba. Obabamkhulu bethu babengaqambi amanga ngendlela ababeqopha ngayo mayelana nokubona lamazimuzimu. Lezilwane zaziphila ngesikhathi ekwakuphila ngaso abantu. Abantu babewabona lamazimuzimu. Kuyiqiniso vele ukuthi ngokuhamba kwesikhathi imilando ngalezilwane ibuye yahlobiswa ngemininingwane ekhombisa ihaba, kodwa inhlamvu yeqiniso elikhomba ukuthi abantu kanye namazimuzimu baphilile ngesikhathi esisodwa, isaneqiniso elingashayi eceleni. Abantu nalezilwane babehlala ezindaweni ezingafani kodwa babephila ngesikhathi esisodwa, kwaze kwafika isikhathi lapho lamazimuzimu eshabalala khona emhlabeni. (Asakhona njalo ama dinosaurs amancane asaphile.)

   Eminyakeni engu 4004 eyedlule ngaphambi kokuzalwa kuka Jesu Krestu…. Angeke ukuthi uqinisile!!!

Kunemibono eminingi eyehlukahlukene mayelana nokuthi iyini i ‘creation science’ noma isayensi yendalo. Abanye babadali (creationists) bahambisana nemibono eminingi yezinkolelo zesimanjemanje kodwa abayizwa kahle le yokuthi ekuqaleni indalo yavele yazenzekela. Labososayensi bakholelwa ekutheni kunendawo yokuqala, ngamanye amazwi kunomuntu owahlanganisa indalo nezehlakalo zokuqala nokuthi lomuntu wabe esesebenzisa ushintsho lwesimanjemanje. Kwi website ethi www.creationism.org   link uyakwazi ukuthola imininingwane ngaloku uma unesifiso sokufunda kabanzi ngakho. Kodwa abanye ososayensi okubalwa kubona abadidiyele imininingwane ekule website, abaqhubeka nokufunda ngendalo, bafika lapho bekuqonda khona noma bakholelwa ekutheni abukho ubufakazi obeseka I evolution (inkolelo yesimanjemanjee) nokuthi akukwazi ukuthi umhlaba ungaba mdlala ngangeminyaka eyeqe ezinkulungwaneni ezingu 10. Lendaba ayilula neze kodwa inqwaba yalabososayensi abasha ikholelwa ukuthi unyaka ka 4004 BC (ngaphambi kokuzalwa kuka Jesu Krestu) nguwona oseduze nesikhathi okwadalwa ngaso umhlaba. Ng’yaz’ukuthi lokhu kuzwakala njengehlaya kulabo abakholwa ukuthi izindlela zokubala ezisebenzisa (radioactive) ziyasebenza, ncese.

   Izinsuku ezingamashum’amane nobusuku obungamashumi amane, ngempela?

Empeleni encwadini ka Genesis, ekhasini les’khombisa kuyavela ukuthi amanzi aphakama emhlabeni isikhathi esingangezinsuku ezingu 150, aphinde ehla isikhathi esingangezinsuku ezingu 150. Is’khathi esiphelele ekwehla ngaso uzamcolo sasingangonyaka owodwa ubude uma ubala usuka lapho umndeni ka Noah ungena uphinde uphuma emkhumbini. Loku iyonanto eloku ibekwe yacaca. Kuphelela lapha futhi. Kodwa kubukeka sengathi kwaqale kwanetha kakhulu isikhathi esingangezinsuku nobusuku obungu 40 ngaphambi kukazamcolo (futhi kunezivunguvungu, bona encwadini ka Genesis 8:1). Akunabufakazi obukhomba ukuthi imvula le eyabangela uzamcolo kanti sososayensi besimanjemanje abakaze bakuphikise loku. Ung’xolele kodwa ososayensi abakholelwa ekugxileni kwezesimanjemanje (evolutionists) kuphela abathanda ukuqhakambisa lomqondo ukuze badunge inkolelo mayelana nendalo yok’qala (creation theory), okubalwa kanye nozamcolo.

   Wawungalugcina kanjani kodwa umkhumbi ka Noah lonke uhlobo lwezilwane okubalwa nezinkulu emhlabeni!

Amaqanda ezimuzimu elikhulu elikhafula umlilo (njenge dinosaur) asatholakele kuze kube inamuhla, alingana nebhola likanobhutshuzwayo (football). Ngamanye amazwi, umuntu angagcwalisa amaqanda ayishumi-nambili (12) ezimuzimu elibizwa nge brachiosaurus ebhuthini yemoto, kungasali sikhala! Lokhu kusho ukuthi amazimuzimu asanda kuzalwa ayengamakhulu. Inqobo yokuqoqa kuka Noah izilwane, kwakungukugcina lonke uhlobo lwazo ngakho sasingekho isidingo sokuthatha noma sokuthola izilwane ezinkulu noma esezikhulile. Futhi awudingi ukuhlukanisa lonke uhlobo. Uthi ubuwazi nje ukuthi kunohlobo lwezinja, oluneminyaka engaphansi kweyikhulu elilodwa zaba khona? Uhlobo lwezinja ezincane eziphile kahle ezimbili njen kuphela, lungakwazi ukugcina inhlamvu eyoholela ekudalekeni kwezinye izinhlobo zezinja. Ibhayibheli lisebenzisa igama elithi uhlobo ukuchaza izinhlobo ezahlukene zokudaliwe. Amahhashi kanye namadube ayakwazi ukuhlangana (futhi aseke ahlangana vele phambilini) azale olunye uhlobo lwezilwane, njengoba kwenzeka nakwizingwe kanye namabhubesi ; okukhomba kona ukuthi (ngokwendalo) lezilwane zisuka enhlamvini yesilwane sohlobo olulodwa. Izinja nezimpungushe (yize zithathwa njengezilwane ezihlukile namuhla) kungenzeka ukuthi ziqhamuka esilwaneni sohlobo olulodwa nazo. Aziziningi kodwa vele izilwane okuthi uma sezikhulile zibe zinde noma zibe zinkulu kakhulu, njengezindlulamithi, izindlovu namazimuzimu abizwa ngama Tyrannosaurus Rex. Kodwa iningi lezilwane zikhula zigcine esisindweni esingangesegusha. Umkhumbi ka Noah owawunezitezi ezintathu, wawunendawo eningi ngokwanele ukugcina inhlobonhlobo yezilwane kanye nokudla kwalezilwane. Isibalo sokuzaleka noma ukuqhamuka kohlobo olusha lwezilwane sasingenhla ngalesikhathi. Ukucabangisisa kahle ngokwesayensi mayelana naloludaba, kukhombisa ukushintshashintsha kwendalo, angithi?

   Noma ngabe umkhathi wonke waminyana wagcwala umswakamo ongangamaphesenti ayikhulu, kwaqala ukuna, kwakungeke kube khona amanzi anele ukumboza wonke amazwekazi! Uzamcolo wawungeke ube khona, kumele ukuvume loku!

Lom’bono ujwayelekile futhi uhlobene nempendulo enikezwe emibuzweni emibili engaphezulu kwalom’bhalo. Umlando osencwadini yebhayibheli u Genesis mayelana nozamcolo, uthathwe kulokhu okwabonwa ngu Noah, futhi kungenzeka ukuthi awuvezi isithombe esiphelele ngokwenzeka ngesikhathi sikazamcolo. Kulomlando akuveli lutho mayelana neqhwa, siyazi ukuthi ukuphakama kwamanzi (ngezinsuku zokuqala ezingu 150) kwakuhambisana nokuqala kwemvula eyadonsa izinsuku ezingamashumi amane nokuthi iziphethu zaphuphuma, lokhu okungumusho ohlaba umxhwele. Imvula ayibangelanga uzamcolo kodwa lesimo esasingawudala umonakalo, naso sehla ngesikhathi esifanayo nokuqala kukazamcolo.

   Ukugcwala kwamanzi anosawoti emazwenikazi omhlaba, kwakungazibulala zonke izitshalo, angithi?

Usuke wawuthela ushukela ekhofini lakho kodwa wakhohlwa ukuligovuza ikhofi? Ngesikhath’uliphuza ikhofi lalizwakala linjani? Ngaphambi kukazamcolo, ulwandle lwalungakagubhi amagagasi. Kungenzeka ukuthi ulwandle lwalungakagcwali izithako esezitholakala kulona, ngaphambi kukazamcolo ngesikhathi amanzi eqala etheleka ngamawala phezu komhlaba nendalo ekuwo. Futhi siyazi ukuthi izinhlamvu zezitshalo ezizimilelayo ziyakwazi ukuhlala isikhathi eside, kwesinye isikhathi kuphele izinyanga zisaphila zigugulwa amanzi ezisabalalisa kwezinye izindawo. Kodwa ke ngokomlando obekiwe, kubukeka sengathi ezinye izitshalo (kanye nezilwane eziningi zasolwandle) azisindanga ngesikhathi sikazamcolo nangemumva kwawo lapho kwabanda ngendlela emangalisayo emhlabeni. Ukwenza umzekelo nje, izitshalo ezibizwa ngama Cattails, zazikhula zibe zinde ngango 60 feet ngezikhathi zak’dala kodwa esesizibona namuhla kuyaqabukeka uma zike zadlula ku 3 feet ngobude. Okuningi esikubona es’khathini samanje, kuyinsalela yalokho oseke kwaba khona phambilini.

   Akuve uzamcolo wesikhathi sikaNoah kwakuyisimo esehlakala kulendawo ababekuyona hhayi emhlabeni jikelele?

Akukwazi ukuthi kube njalo. Abanye basaphikisana naloku nanamuhla, kodwa incwadi ka Genesis ikubeka kucace ukuthi uNkulunkulu wayehlose ukuthi uzamcolo ukhukhule wonke umhlaba, bonke abantu, izilwane kanye nezinyoni ezazingekho emkhumbini kwakumele ziminza. Umuntu nje ojwayelekile angithi angahamba ngesivinini esingu 3 MPH ngesikhathi? Lokhu okusho ukuthi esikhathini esingamahora angaphezulu kwayishumi, umuntu wayengathatha amagxathu ahlanganisa ibanga elingu 30 miles (noma amakhilomitha angu 50). Ezinsukwini ezingangekhulu umuntu ehamba ngalelibanga, wayengagcina ehambe amakhilomitha ayizinkulungwane, angithi? (Cabanga ngama explorers aseMelika ayehamba ngezinqola, eguduza kwizwekazi I North America.) Ukube uNkulunkulu wayehlose ukuletha uzamcolo ozokhukhula indawo eyodwa, yinindaba engayalelanga u Noah ukuthi akhe “Inqola ka Noah” kunomkhumbi? U Noah wayengaqoqa konke angena nako emkhumbini ahambe ayohlala kwenye indawo kuze kudlule izikhukhula. Ngokwe Geography, kuyabonakala ukuthi kunama layer omhlabathi ambozeke kuwonke wonke amazwekazi. Eziningi zalezinsalela zimbozwe ngamanzi. Lama layer angogqinsi abangaphezulu kwama square miles ayikhulu ubukhulu akhombisa isehlakalo sangaphambilini esingakaze sisibone esikhathini samanje. Labogqinsi bama layer ahlangene namalahle kanye nowoyela (okuyizinsalela zendalo eyambozeka phambilini) bakhona kuwona wonke amazwekazi, wonke ekhombisa ukuthi kwake kwakhona uzamcolo emhlabeni wonke.

Lezikhukhula zehla emhlabeni jikelele. Futhi ziyakhunjulwa emilandweni yomhlaba wonke, hhayi nje esizweni samaHebheru. Wena sikuphi isisekelo sakho seqiniso? Sikwisayensi, ethi ilandela inkolelo ekuvunyelwana ngayo ngaleso Sikhathi? Noma sisezwini likaNkulunkulu, ngokuqonda ukuthi ososayensi abaningi babuye bangavezi noma bathole iqiniso…? Naseminyakeni engaphezulu kweyinkulungwane, kusukela ku Ptolemy kuya ku Galileo, ososayensi babeshay’eceleni ngokucabanga ukuthi ibalazwe lizungeza umhlaba, akunjalo? Ukujeziswa kuka Galileo, ejeziswa amabandla, kwakusuka ekwesekeni kwawo (lokhu ayecabanga ukuthi) isayensi eyayifundiswa ososayensi bangaleso sikhathi. Abaholi bamabandla baseka ozakwabo mayelana no Galileo owayengadumile ngaleso sikhathi, nowaphakamisa ukuthi inkolelo kasosayensi ongum’Griki nowayengungoti kwezibalo u Ptolemy (eyayisilandelwe iminyaka engaphezulu kweyinkulungwane) kungenzeka ukuthi ayilona iqiniso. “Ungabathemba ke ososayensi abaningi”? ngoba kungenzeka ukuthi baneqiniso…? Cha, kwesinye isikhathi iningi lishaya eceleni. Babephazamile ngesikhathi bethi ibalazwe lizungeza umhlaba kanti futhi kunobufakazi obuhle obukhomba ukutih bayaphazama nanamuhla ngokuphakamisa ukuthi indalo kanye nathi savele sathushuka nje es’thubeni futhi akunasizathu ngokuba khona kwethu kulomhlaba. Siyisehlakalo nje esingenaNkulunkulu okumele siphendule kuye, ngakho kumele uziphilele impilo yakho ugxile kulokhu okwenzeka njengamanje; ngabantu abazishayela imithetho; futhi ukuvumelana kwabantu ikona okungumthetho owujuqu.

   Kanti i Scopes Trial ngonyaka ka 1925 (eyayiphinde ibizwe nge Monkey Trial) ayizange ikhombise ukuthi i evolution inqobile kanti inkolelo ngendalo kaNkulunkulu ihluliwe – kakhulu nje futhi!

Ilokhu okulokhu kubikwe ngabezindaba abathi bakhululekile kanye nabasekomkhulu lamafilimu abukwa umhlabawonke e Hollywood kusukela kudala.

   Yin’indaba ungayihloniphi inkolelo yabanye?

Ngithinte ngaphinde ngabika ngezingxenye zombili zaloludaba olubalulekile… ngangenza njengoba kwenze abezindaba abathi bakhululekile kanye nabase Hollywood kuyo yonke leminyaka.

   Nina bososayensi abakholelwa kweyomhlaba oyisibaca niyangisanganisa!

Lokhu akusiwo um’buzo, kahle kahle, kodwa izinkulumo ezifana nalezi zijwayelekile. Is’khath’es’ningi lezinkulumo ziphuma kubantu abasha abafuna ama creationists (noma ngabe ubani ke omunye ophikisana nabo nganoma yini) abekwe endaweni yakhe. Ey, ukuba musha futhi!  :-)

Uyazi, int’eyodwa engihlale ngiyisho ngokukhululeka kulamaqembu abangakholwa ngendlela ekwavela ngayo indalo kaNkulunkulu, ukuthi noma ngabe bephikisana ngokuphelele nemibono engifinyelela kuyona, kodwa kumele bathathe nobufakazi obukhona. Laba abazoqagula noma baqhamuke nezinkolelo ezintsha nezingungqaphambili kusuka eminyakeni engu 10 kuya kwengu 20 kusukela manje, kuyomele kube ilabo abazokwazi ukufaka nobufakazi obulokhu buzitshwe ongoti besizukulwane samanje ngoba bebona ukuthi izibalo ngeke zihambisane nezinkolelo zabo (bheka um’buzo olandela ngezansi).

   I Radioactive dating ikhomba ukuthi ukudalwa kwendalo nguNkulunkulu nokungaphansi kwe creationism akukaze kwenzeke angithi?

Ama creationists ami nobufakazi besayensi obuhlolisiswe ngokuphindiwe. Kanti futhi ama creationists ayayeseka isayensi. Ama evolutionists ayilahlela ngaphandle isayensi njalo uma lokhu kuzokweseka inkolelo noma um’bono wabo ngaleso sikhathi! Amatshe awafiki egxivizwe izitembu ezikhomba ukuthi madala kangakanani, futhi akekho oseke wawabona eguga kuleminyaka eyizigidi edlule. I Radiometric dating ineqiniso elingangekota yendilinga, bese kuthi lamakota amathathu asele kube ukuqagela nje, futhi okungeke buloku buchazeka ngokuphindelela. Ukuchitheka kodaka olushisayo okusemilandweni oqoshiwe kuvela kwi radiometric, njengokwakwenzeka naseminyakeni eyizigidi edlule. Lokhu kodwa akusiniki ukuzigqaja ngezibalo zanamuhla mayelana nokuthi umhlaba mudala kangakanani.

Kunegesi ehluzekile eyi carbon lapho noma eduze kwalapho kutholwa khona amathambo amazimuzimu akhafula umlilo. (Ngokwezinkolelo ze evolution lamathambo aneminyaka eyizigidi ezingu 65 ubudala, angithi?) Ama creationists akhothuluza i carbon kulamathambo alokhu eyihambisa kuma laboratories ukuze ahlolwe ubudala (C14) dating; i carbon esuswe emathanjeni amazimuzimu abizwa ngama dinasaurs ikhombisa ukuthi lamathambo aneminyaka eyizinkulungwane ubudala, hhayi izigidi. Ukunqoba kwesayensi. Ama evolutionists ayaziwa ukuthi acasuka aphele uma ama creationists eshicilela lapho le carbon ithathwe khona. Omunye umzekelo ohlukile isizinda zodaka olushisayo esisezintabeni ezibikwa nge Mount St. Helens.  Lesizinda sineminyaka nje engu 35 saba khona kodwa i radioactive dating (K-Ar) ikhombisa ukuthi lesisinda sineminyaka eyizigidi ubudala! Kukhona okungahambi kahle la. E Pompeii nase Hawaii nakhona kunezizinda zokuchitheka kodaka olushisayo ezingubufakazi bokuthi i K-Ar dating ayisebenzi. Noma kunjalo ama evolutionist abambelele ezinsukwini ezitholwe ngalendlela yokubala (K-Ar dating) kusukela kudala, ngoba abukho obunye ubufakazi obukhomba ukuthi umhlaba uneminyaka engaphezulu kwezinkulungwane ezingu 10 ubudala. Iningi lemifula nezimpophoma, likhomba ukuthi umhlaba usabe khona isikhathi esingangezinkulungwane ezim’balwa. Lokhu kwesekwe isayensi, engahlolisiswa kuphindelelwa futhi.

   Ithini eyalobufakazi bezinto zakudala ezitholwayo nezigciniwe?

Lobufakazi obuthandwa kakhulu ama creationists bukhombisa ukungabikho koshintsho olutheni endleleni ekwenziwa ngayo izinto. Nakuba kunjalo ke sonke isizukulwake zama evolutionists sinayo imibono emisha kodwa ayikho esike yamelana nobufakazi obuloku bukhona. Kungekudala nje ama evolutionist asezama ukuphakamisa ukuthi amazimuzimu abizwa ngama dinasaurs amila izimpiko, uku lom’bono ufake isisindo kwinkolelo yabo yes’khashana. Nalokhu futhi kuzovela ukuthi kungungabazane nje. Thula wena ubheke. (Ama evolutionist anababazi abanethalente elihle bona, angithi?) Banemidwebo emihle ebonisa isimo esicishe seseke um’bono wabo, ngaphandle kodwa ngisho nanobuncane ubufakazi besayensi ukweseka inkolelo yabo. Iyadabukisa into abayenza ezinganeni ngalemininingwane edukisayo.

   Ukuthuthuka kwezidalwa ezingabantu (hominid) kuyiqiniso elingephikiswe!  Kumele ukuvume lokhu!

Abantu abaphila es’khathini samanje bahluke kakhulu ngokomqondo kulabo ababephila kudala, usayizi wabo wengqondo owawungangama cubic centimeters asuka ku 700 cc kuya ku 2200 cc, futhi ngisho nangendlela abacabanga ngayo akuhlobene. (Usayizi nje wengqondo yomuntu ojwayelekile njengamanje ungangama cubic centimeters asuka ku 1300 cc kuya ku 1350 cc.) Ngake ngahlala edolobheni lase Tokyo ezweni lase Japan iminyaka emihlanu. Usayizi wengqondo yeningi labantu kuleliyadolobha, muncane uma uwuqhathanisa nowami njengoba ngingowokudabuka emangisini (Caucasian) kodwa ngingaqinisekisa ukuthi abantu baseJapan bahlakaniphe ngendlela emangalisayo. Uma sibuka ama khompyutha, omuny’umuntu angaze ash’ukuthi owaya (circuits) abasondelene basebenza ngokushesha kakhulu ngakho akusiyo nencane inkinga ukuba nengqondo engusayizi omncanyana, angithi? Uma ama evolutionist ekelisa izingebhezi ezindala, kusukela kugebhezi oluncane kuya kolukhulu (bese efihla ngamas’bomu ezinye izingebhezi zakudala ezinkulu kakhulu kunalezi zes’khathi samanje) aqagula okungamanga ehlanganisa usayizi wengqondo nobuhlakani – eziba imbangela! Futhi izindlela zabo ze radioactive dating azisebenzi kwasek’qaleni (njengoba kuvela phambilini), ngakho abazi nokuthi lundala kangakanani ugebhezi ngalunye.

Ung’xolele kodwa kwenzekani emathanjeni omuntu ongasitholi isithakomzimba i calcium ekudleni kwakhe? Noma lowomuntu engenayo i copper, lokhu kuphazamisa ukukhula kwengqondo yakhe. Uma, nges’khathi sak’dala, abantu abaningi babedla ukudla kwalapho behleli khona kuphela ... (ilandele kahle lento engizama ukuyisho) kanti inhlabathi ezindaweni ezahlukene ibingenayo i selenium noma i magnesium, i iron noma ke ezinye izithakomzimba, lokhu bekuyoba yinto exaka noma ethinta wonke umuntu nesilwane esiphila kuleyondawo, kwizizukulwane ngezizukulwane, angithi? Uma sibheka izinsalela zabantu noma izilwane zak’dala ezasala ngemumva, asizibeke emqondweni zonke izimo labantu okungabe babephila ngaphansi kwazo (okubalwa nezici okungenzeka ukuthi bazalwa nazo), hhayi ukuthi sisebenzise indlela engenabo ubuqiniso mayelana nesimo sezinkulungwane zalezinsalela (sifihla noma sishaya indiva iningi lazo!) ukuze sizame ukubeka isisindo kwizinkolelo ze evolution esizifafazayo – ngamanye amazwi, ama evolutionist asebenzisa noma ngabe yini ukuseka i evolution yize bukhona ubufazi kulezinsalela zak’dala. Kuzosilimaza kakhulu ukuyeka ama evolutionist aqhubeke nokudukisa imiphakathi ngamanga nobufakazi obuwaqazisiwe ngezinhloso zokudukisa. Ubufakazi bamathambo nezinye izinsalela (okunjengomngani wama creationist) bukhombisa ukuthi lonke uhlobo lwalendalo lwaluhlukile ngezigaba zalo, lokhu okungubufakazi bendalo enobuhlakani.

Yenzani i evolution? (Yebo, ngiwubuza wena lom’buzo obalulekile!) Igcwalisa isidingo somsuka wethu. Ayivivinyeki ngokuphindiwe. Futhi uma ama creationists ekhombisa ukuthi i evolution iphikisana nobufakazi besayensi, ama evolutionist ayacasuka. Ayacasuka? Angizwanga kahle? Bengicabanga ukuthi lena isayensi… ukushintshisana ngemibono nobufakazi mahhala. Sishukumisa ukholo lwabo. Singobani njengabantu? Yin indaba silapha? Sizophelelaphi? 3.5 billion base pairs for human DNA.  Wow!  Anginalo ukholo olwanele ukuthi ngingakholwa ukuthi savele sathushuka nje esithubeni. Lokhu kuhlukile…. kuhluke kunezinye izinhlobo zesayensi, akunjalo?

   Ingani wonk’umuntu uyazi ukuthi i “creation science” iyinto ezivumela iziphikise (oxymoron)?

Umlando obalulekile oyigugu lo esikhuluma ngawo – imvelaphi yethu. Lokhu kwenza loludaba lube ngolulumelayo futhi olususa impikiswano esithinta sonke ngendlela ejulile. Lujulile kakhulu ngempela loludaba engangokuthi luyathusa. Alufani nezinye izinhlobo zesayensi. Uma ekhona ngempela uNkulunkulu ndawana thizeni osidalile futhi onelungelo lokusahlulela emumva kokushabalala kwalempilo, emumva kwalesikhathi sokufunda sivivinywa, kusho ukuthi siyizilima ezigula kakhulu uma siphikisana kakhulu nokwenzeka phambi kwethu, sivala amehlo sidalule ukuthi angeke ukuthi ukhona. Siyizilwanyana vele ezincane, ezivaleleke kulendawo esikuyona, lendawo elibangise kwelinye igumbi lebalazwe; futhi sinama senses amahlanu kuphela. Nabanye bethu abahlakaniphe kakhulu, futhi abazisholo bona ukuthi bahlakaniphile, angithi bacabanga ukuthi konke okulapha emhlabeni kumele kuphendule ngokuqondwa yithi uma kungenjalo lokhu akuphili lapha emhlabeni? i Evolutionary science ihambisana nokuzigqaja kwayo ifana nento ezivumela iphinde iziphikise (oxymoron), kodwa hhayi i creation science yona ekuqondayo ukuthi okokuqala thina nokuqonda kwethu akukho kwingqikithi yakho konke okukhona.

   Creationists don't publish for scientific peer review, okukhomba ukuthi abenzi isayensi elungile, angithi?

Well ... kuyamangaza ukuthi laba abaphikisa imiqulu yezincwadi ezigxekiwe bayajika futhi basole ama creationist ngokungavunyelwa ukuthi bashicilele ulwaz’olunzulu ezincwadini zawo zesayensi.

U Dokotela Henry Morris ongasekho emhlabeni, wesikhungo i Institute for Creation Research useke wakuveza ukuthi maningi ama creation scientist asebenza emikhakheni wokuphenyisisa noma kowezempilo, kodwa ukwanda kokuchema nabangahambisani nama creationist sekubhebhetheke kwizifundiswa kangangoba akekho ongakhuluma noma abhale ngokukhululeka aphikisane nama evolutionist ngaphandle kokungaxwaywa noma baxoshwe emsebenzini. Ukucubungulula umsebenzi wabanye ososayensi ngaphansi kwezimo ezinokuchma ngesikhathi uzama ukuba ngusosayensi ohlonishwayo kwawena futhi ufuna nokukhula emsebenzini, kunezingqinamba zako.  Ama evolutionists aseqoke ukukholwa ukuthi uNkulunkulu akekho (akukho munt’esizophendula kuyena) okusho ukuthi ukuvumelana kwabantu ilona qiniso elingujuqu. Usolwazi ofundisa i evolution angaphula kanjani indlela yabaphathi kodwa athembe ukuthi uzow’gcina umsebenzi wakhe? Ukuphikisana nalokhu kuvumelana (okungenakwesaba uNkulunkulu) ngokwencazelo, kuyiphutha; kuqonde ukuthi ngaphandle kukaNkulunkulu ozophendula kuyen, ukukhwabanisa kuzokhula njalo ngaphandle ke uma kuzosuka abangaphandle kwalapho kunokukhwabanisa khona ukuze balwe nalesihlava (hhayi njengophiko lwamaphoyisa edolobha anenkohlakalo noma inhlangano yezepolitiki).

Inhlangano ehlonishwayo ebizwa nge Creation Research Society kumanje inamalunga abalelwa ku 650, wonke aneziqu eziphakeme kwisayensi. Iningi lalamalunga selishicilele imibiko emihle yezesayensi. Lenhlangano i CRS iphinde ishicilele iphephabhuku lezesayensi eliphuma kaningana kanye nephephandaba ephuma kabili ngenyanga, liveza imibiko eyahlukahlukene yezesayensi.

   I evolution isayensi, i creationism inkolo

Lesitatimende senkolo esiphuma kubagxeki, sijwayelekile. Ngijwayele ukuphendula kafushane kwimibono efana nalesitatimende. Kodwa lapha ngizoveza ukuthi i evolution iyindlela ekholwe ngabantu ukuzama ukuchaza imvelaphi yethu. Eminyakeni eyizinkulungwane abantu betshala emasimini nokufuya ayikazi i evolution iqoshwe njengento eyenzekile. Awekho amathambo esikhashana noma izinsalela ongazethemba, ngisho neyodwa le. Izindlela ze radioactive dating lezi abazikholwayo mayelana nezigidi zeminyaka, azikwazi ukumelana nokucutshungululwa nokuvivinywa okuphindiwe. Futhi kwesinye isikhathi…. Ngiyavuma… ngiyathanda ukushintsha indlela ejwayelekile yamagama anenkulumompikiswano, ukufinyelela esiphethweni. Ngizokhuluma ngenkulumompikiswano phakathi kwe creation science nenkolo ye evolution. I Macro-evolution (from molecules to man, automatically over time) is strongly believed by its adherents but it is not the only theory in town.

   Yini umehluko phakathi kwe macro-evolution and micro-evolution?

I Macro-evolution inkolelo ethi olunye uhlobo lokuphilayo lungaphendula lube ngolunye uhlobo uma nje luthole isikhathi esanele nethuba. I Micro-evolution yona inguhlelo oluhlolisisiwe ngokwezifundo zendalo lukhombisa indalo yak’dala efana (kodwa hhayi abangama clone) namadlozi ayo. (Akumangazi ukuthi uMdali wakha indalo enamandla okushintshashintsha enhlotsheni yayo!) Umntwana ujwayele ukufuza abazali bakhe ngezitho zemizimba ezibonakalayo njalonjalo. i Micro-evolution inobusayensi. Iyona ndlela le uMdali wethu ahlose ukuthi impilo ibe njalo. Bhekisisa kahle – uma ama evolutionists eletha ukubakazi nge macroevolution, njalo kuzoba I microevolution abayivezayo, bethemba ukuthi angeke unake umehluko. Imithetho ka Mendel ye genetics isikhombisa ukuthi yinindaba I microevolution ingaholeli kwi macroevolution.

...Miningi kakhulu eminye imibuzo abantu abayibuzayo nezingqinamba abahlangabezana nazo. Ngithemba ukuthi lemibuzo ejwayele ukubuzwa, izophendula eminye yemibuzo okungenzeka ukuthi uke wayicabanga mayelana naloludaba olubaluleke kangaka lwemvelaphi yethu. Uma ungumuntu osaba uNkulunkulu, ngicela uthandaze mayelana nokuqonda kwakho lesigaba saloludaba. Emumva kokuhlola izingxenye zombili – kungenzeka ufinyelele esiphethweni esihluke kakhulu kunalesi, kodwa ngiyacela ukuqonde ukuthi okusenze sabhala kule website lesigaba, isifiso sethu sokuthi sikufundise futhi sikugcine wazi ngaloludaba.

======

Ngesikhathi sokuwa komuntu, u Adam no Eve bengena esonweni, salahlekelwa ukuxhumana nomakhi wethu ubuso nobuso. Lokhu kwehla esikhathini esingangeminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha edlule. Kulezizukulwane ezalandela lapho, kulokhu kube nzima ukugcina nokudlulisela indawo yethu kulomhlaba nokuthola ukuthi sibuyela kanjani endaweni elungile kuMdali wethu. Njengoba obabamkhulu bethu bahlukana emumva kukazamcolo, baqhubeka badlulisela umlando owawugciniwe; kukhona nabangaphezulu kuka 250 ababesakhumbula uzamcolo nezehlakalo zangaleso sikhathi. Akukho mlando wesizwe oveza ukuthi mudala ngaphezulu kweminyaka eyizinkulungwane ezinhlanu. Kuyo yonke ingxenye yomhlaba, lokhu kumi kanjalo. Kodwa eminyakeni engamakhulu amabili edlule kulokhu kunyuke izehlakalo lapho abantu bes’manjemanje befuna ukukhohlwa umlando wethu oyiqiniso oneminyaka eyizinkulungwane ukhona, ukuze bagxile kulomlando owakhiwe nohlawumbelisiwe mayelana nomhlaba osube khona iminyaka eyizigidi, noveza ukuthi savele sathushuka nje esithubeni, futhi kumele sime ndawonye siphikisane noMdali wethu. Izidalwa ezingabantu abasazilwane ezibizwa ngama Aliens (noma izingelosi esezasishiya noma onkulunkulu bamanga) kungekudala zizokwazi ukufika zigcwalisele ukufika kokuphikisana nomlando ongamanga. Ngiyacela ungadukiswa imimoya ye evolution nazo zonke izinkolelo eziza ngayo.

Ngizovala lesigaba ngomthandazo ukuthi noma ngabe awukholelwa ebukhoneni boMdali noma uphikisana nalaba abangakholela kuMdali, ukwazi ukuthandaza ngokuthula nokuzithoba uthi: "Mdali, uma ukhona futhi ungizwa njengamanje, ngicela ungisize."  Thatha nje leligxathu lokuqala. Asisodwa lapha emhlabeni.

Kubhale u Paul Abramson, ohluza okubhalwa kwi website i:  www.creationism.org
 
 



 
Other Creation Science FAQs:
 

CMI • Creation Ministries Intl. - Creation Answers  FAQ

ICR • Institute for Creation Research  FAQ  

CSC's  "In the Beginning"  - Full Index  

AIG • Answers In Genesis  FAQ





(Media/Reporter Info)  Creationism.org's - "Press Release"

 

<http://www.creationism.org/zulu/creationism_faq_zu.htm>

Main
IEU
Links
EN Into
Izincwadi
Izithombe
MP3
Imiqophi