Creation Science Information & Links!
AmaHubo 1, 51, 100 & 150
Psalms 1 • 51 • 100 • 150 - in Zulu (isiZulu)
AmaHubo 1

1 Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, ongemi endleleni yezoni, ongahlali enkundleni yabaklolodayo, 2 kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova, ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku. 3 Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi, othela isithelo sawo ngesikhathi sawo, oqabunga lawo lingabuni, nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho. 4 Ababi abanjalo, kepha banjengamakhoba aphephethwa ngumoya. 5 Ngalokho ababi abayikuma ekwahlulelweni, nezoni ebandleni labalungileyo. 6 Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo, kodwa indlela yababi yobhubha.
 

AmaHubo 51

1Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho; yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu. 2Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami. 3Ngokuba ngiyazazi iziphambeko zami; isono sami siphambi kwami njalo. 4 Ngonile kuwe wena wedwa, ngakwenza okubi emehlweni akho, ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho, uchache ekwahluleleni kwakho. 5 Bheka, ngazalelwa ebubini, umame wangithabatha esonweni. 6Bheka, uthanda iqiniso ngaphakathi enhliziyweni; wongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo. 7 Ngihlanze ngehisopi,* ngihlambuluke; ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa. 8Ngizwise intokozo nenjabulo, ukuze ethabe amathambo owachobozileyo. 9Fihla ubuso bakho ezonweni zami, wesule zonke izenzo zami ezimbi. 10 Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami. 11Ungangilahli ebusweni bakho, ungangemuki uMoya wakho oNgcwele. 12 Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho, ungiphase ngomoya ovumayo. 13Khona ngiyakufundisa abaphambukayo izindlela zakho; nezoni ziyakuphendukela kuwe. 14 Ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu, Nkulunkulu wensindiso yami. Khona ulimi lwami luyakuhubela ukulunga kwakho. 15Nkosi, vula izindebe zami, ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho. 16 Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo; noma bengizakukunika umnikelo wokushiswa, ubungayikuthokoza ngawo. 17 Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo; inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo, Nkulunkulu, awuyikuyidelela. 18Lenzele iSiyoni okuhle ngokomusa wakho, uzakhe izingange zaseJerusalema. 19 Khona uyakuyijabulela iminikelo yokulunga eshiswayo neshiswa yonke; khona bayakunikela ngezinkunzi phezu kwe-altare lakho.
 

AmaHubo 100

1 Hlokoma kuJehova ngezwi lokuhalalisa, mhlaba wonke. 2 Mkhonzeni uJehova ngokujabula, nisondele ebusweni bakhe ngokuhuba kwentokozo. 3 Yazini ukuthi uJehova unguNkulunkulu; nguye osenzileyo, akuthina, sibe ngabantu bakhe nezimvu zedlelo lakhe. 4 Ngenani emasangweni akhe ngokubonga, nasemagcekeni akhe ngokudumisa; mbongeni, nibusise igama lakhe. 5 Ngokuba muhle uJehova; umusa wakhe umi phakade, nokuthembeka kwakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.
 

AmaHubo 150

1 Haleluya! Dumisani uNkulunkulu endlini yakhe engcwele, nimdumise emkhathini wakhe wamandla. 2Mdumiseni ngenxa yezenzo zakhe zamandla, nimdumise ngenxa yobukhosi bakhe obukhulu. 3Mdumiseni ngezwi lecilongo, nimdumise ngogubhu nehabhu.* 4 Mdumiseni ngesigubhu nokusina, nimdumise ngezingubhu ezinezintambo eziyishumi nemitshingo. 5Mdumiseni ngamasimbali* ancencethayo, nimdumise ngezinsimbi ezikhencezayo. 6 Konke okuphefumulayo makudumise uJehova. Haleluya!
 


Psalms 1 • 51 • 100 • 150
http://www.creationism.org/zulu/saPs1_51_100_zu.htm

Main:  isiZulu
www.creationism.org